Umnikazi weqembu elisesicongweni kwiligi yaseRomania, iFCSB, uthi ufuna ukwandisa isibalo sabadlali baseNingizimu Africa kulandela ukubona izinga likaSiyabonga Ngezana abamthenge kwiKaizer Chiefs.
UGigi Becali, owumnikazi waleli qembu, akawuvali umlomo ngezinga likaNgezana, oseqale imidlalo emihlanu edlule kuleli qembu kalandela ukulimala kukapteni uVlad Chiriches.
“Ngifuna ukusayinisa abanye abadlali base-Africa, ngifuna silandele iBotosani (elinye iqembu kwiSuperliga), sibe nabadlali abayisikhombisa base-Africa enkudleni,” kusho uBecali ecashunywa yiDigiSport.
“Angibafuni abaseBrazil, ngifuna abadlali baseNingizimu Africa manje. Ababizi. Senimubonile uNgezana?
“Umdlali webhola lo! Usedlala e-Europe manje. Usajwayela kodwa, silinde kukhuphuke ukuzethemba kuye. Nizobona uzokhula abe wumdlali onjani. Unamandla, unesivinini, une-technique, unakho konke okufanyo kimdlalo. Uzodayiswa ngemali enhle.”