Umengameli waMaZulu uSandile Zungu usekuchithile ukuthi inkontileka kaSiphesihle Maduna iyaphela ekupheleni kwale sizini.
UZungu uveze lokhu engxoxweni neFar Post lapho aveze khona ukuthi iKaizer Chiefs ingelinye lamaqembu akhulume nabo ngalo mdlali kodwa akukho abavumelane ngakho.
UZungu uthe inkontileka kaMaduna izophela ngo-June ngonyaka ozayo.
“IKaizer Chiefs ike yakhuluma nathi. Ingelinye lamaqembu akhulume nathu. Sekunesikhathui ewumdlali wethu, usayine inkontileka entsha emnyakeni emibili edlule. Ngizwa abantu bethu uyahamba uma kuphela isizini, kodwa usanesizini eyodwa nathi.”
Okuqaphelekile ngenkulumo kaZungu wukuthi akasho lutho ngezingxoxo ngokwelula inkontileka kaMaduna kuSuthu.
UMaduna usadlale imidlalo ewu-11 kule sizini, unegoli elilodwa. Kule sizini, nakwisizini edlule, unokuhlushwa ukulimala kodwa iminyaka yakhe (23) isamvumela ukuthi avuke azithathe ashubise izinto kwiPSL eminyakeni ezayo.