Useqalile ukuzwakalisa okomuntu osehlulekile ukujika izinto kwiManchester United umqeqeshi waleli qembu, u-Erik Ten Hag.

Ngemuva kokuxetshulwa yiManchester City ngo 3-0 e-Old Trafford ngeSonto lo mqeqeshi uphumele obala waveza ukuthi uyahluleka ukudlalisa istayela ayesisebenzisa kwi-Ajax kuleli qembu ngoba akanabo abadlali abakwazi ukusilandela.

“Asisoze sadlala ibhola engangilidlalisa kwi-Ajax la. Ngisebenza nolunye uhlobo lwabadlali, engingaluzelanga.

“Uhlobo lwabadlali oluhola indlela odlala ngayo. Yingakho sidlala ibhola elihlukile kune-Ajax engangiyiqeqesha.”

UTen Hag ufike kwi-United kulindelwe ukuthi asize leli qembu lidlale ibhola elihle, likwazi nokuncintisana neMan City neLiverpool, kodwa akwenzeki. Osekumbhule izinqe kulo mqeqeshi wukuthi izinto zihamba kahle kwiTottenham eqashe umqeqeshi omusha ekuqaleni kwesizini, useyibeke kwi-top 4 zisuka futhi ibukeka izolwela isicoco seligi kule sizini.

Omunye umqeqeshi omfakela ingcindezi wu-Unai Emery ofike wadlalisa ibhola lakhe kwi-Aston Villa ngabadlali abafice bekhona.

Okunye okuzoxaka abalandeli ngenkulumo yakhe wukuthi uTen Hag usesayinise inqwaba yabadlali, iningi labo liyadlala kodwa uthi akubona abadlali ayebafuna. Noma kunjalo, i-United ikhiphe izindodla zemali isayinisa abadlali umqeqeshi abengabafuni, okushiya imibuzo ngesimo seqembu.