Ngemuva kokuphuma kweKaizer Chiefs esigabeni samaqoqo kwiCAF Confederation Cup, ngisale nombuzo wokuthi kazi ngabe usamile yini emazwini akhe uCedric Kaze okuthi kuzophela isizini sebehlonishwa ebholeni lakuleli.
IKaizer Chiefs iphume kamuncu kwiConfederation Cup kuyiyona yodwa esigabeni samaqoqo ekwaze ukufinyelela kumaphuzu awu-10 kodwa yaqeda endaweni yesithathu.
Ukuphuma kweChiefs kulo mqhudelwano kulandela ukuphuma kwayo kwiMTN8, Carling Knockout, nakwiNedbank Cup. Lokhu kusho ukuthi njengamanje Amakhosi asezolwela isicoco seligi kuphela; okuyinto okusangenza le sizini ibe yimpumelelo.
Ngemuva kwemiphumela yakamuva kwimidlalo yeBetway Premiership iKaizer Chiefs ikunombolo 4 kwi-log, kodwa inomdlalo esandleni uma iqhathaniswa ne-Orlando Pirates ekunobolo 1. IChiefs isele ngamaphuzu awu-8 kwiBucs ezobhekana nayo ekupheleni kwale nyanga. Kuyoyisiza ukunqoba umdlalo osesandleni ngaphambi kokubhekana neqembu lika-Abdeslam Ouaddou elisefomini enzima.
Abaqeqeshi beChiefs bazoba ngaphansi kwenkulu ingcindezi yokuthi balwelwe ukunqoba isicoco seligi manje njengoba sekungekho zinkomishi. Okuzobabeka endaweni enzima wukuthi abanye basola bona laba baqeqeshi ababambile ngokuxoshwa kukaNasreddine Nabi oqede ishobolo leminyaka Amakhosi enganqobi lutho ngokunqoba iNedbank Cup ngesizini edlule.
Chiefs co-coach Cedric Kaze slams some disrespectful coaches and journalists.
— Mahlatse Mphahlele (@BraMahlatse) January 20, 2026
WATCH full press conference ➡️➡️➡️https://t.co/zLnEe47rop pic.twitter.com/3Bhv0BDrUs
Njengoba iChiefs ibisefomini enhle nje, uCedric Kaze uthumele umyalezo kwizintatheli nakubaqeqeshi bakuleli ngokungahlonishwa kwakhe noKhalil Ben Youssef, wathi kuzophela isizini sebexolisa abantu.
Njengamanje akubukeki kuzohamba kanjalo, kodwa imidlalo iChiefs ezobhekana nayo kule nyanga nangenyanga ezayo, izocacisa ukuthi isethubeni elingakanani uma kukhulunywa ngesicoco seligi.