Owayengusihlalo weSwallows FC uDavid Mogashoa usefake isicelo sokujikisa isinqumo sokudayisela iMarumo Gallants istatus sokudlala kwiBetway Premiership.

Lokhu kulandela ukuhlukela kweGallants ukulandela uhlelo lokukhokha imali okwakuvunyelwane ngayo ngendlela efanele.

Ngokombiko weSABC Sport iGallants yasicosha phansi ngoR40 million istatus sokudlala kwiPremiership kubaphathi beSwallows, ngesivumelwano sokuthi lesi samba sizokhokhwa ngezigaba. Kuhambe kwahamba yahluleka ukugcina isethembiso iMarumo, njengoba kuvela ukuthi isakweleta abaphathi beSwallows imali ebalelwa kuR15 million.

Njengoba ingayikhokhile le mali, iSwallows ikuthatha njengokuthi isephulile isivumelwano, ngakho ke ifuna ikhokhe imali yesikweletu manje, kungenjalo ifuna ukubuyiselwa into yayo.

IGallants ikuqinisekisile ukuthi ithole izincwadi ezifakwe enkantolo ngoLwesihlanu.

“Okwamanje udaba lusenkantolo, iqembu ngeke liphawule ngalutho futhi ngeke likhulume nabezindaba ngalento,” kusho iGallants esitatimendeni.

IGallants ingelinye lamaqembu abukeka ezolwela ukuvika izembe kuze kuyophela isizini njengoba sekunamasonto yagcina ukunqoba umdlalo.