Umdlali oyibamba esiswini kwiKaizer Chiefs uThabo Cele useveze enye yezinto akhathezekile ngazo kwindlela abadlala ngayo, uthi bazama ukuyilungisa.

UCele no-Edmilson Dove bakhulume nabezindaba izolo eKaizer Chiefs Village, eNaturena, ngaphambi komdlalo waMakhosi neTS Galaxu kusasa ngo-19:00 ePeter Mokaba Stadium.

Amakhosi kumele azame ukuvika induku kulo mdlalo njengoba eseshaywe kabili kulandelana.

UCele uveza ezinye zezinto ezibaqhatha nesibhaxu.

“Sihlale sibheke ukulawula umdlalo, kodwa kwezinye izikhathi siyashesha ukulahlekelwa yibhola. Yinto ekhathazayo kakhulu,” kusho uCele.

“Yinto ebesisebenza phezu kwayo sizama ukuyilungisa, sesiyakwazi ukusuka nebhola emuva size sifike phambili.”

Lo mdlali uthe ngokwamaqhinga kaNasreddine Nabi kufanele ngabe bahlale bewuphethe umdlalo, bakhe amathuba okokura, bese kulandela amagoli. Njengamanje iChiefs yakha inqwaba yamathuba okukora kodwa isabhekene nenkinga yokuba buthuntu phambi kwepali okuyinkinga esihlale iminyaka.