Kulindeleke ukuthi lubuyele enkantolo ephakeme eMgungundlovu kule nyanga uphenyo ngokufa kwenkosi u-Albert John Luthuli.
Kuzokhumbuleka ukuthi uphenyo ngokwaholela ekukhothameni kukaLuthuli luqalwe phansi kulo nyaka, kodwa udaba belulokhe luhlehliswa enkantolo.
Ngesikhathi kwenziwa uphenyo i NPA,ihole inqwaba yobufakazi okuhlanganisa amalungu amaphoyisa akwa-SAPS, izikhulu eziphenya ngamacala abucayi, ochwepheshe bezokwelapha, amalungu omndeni ka Chief Luthuli, izishoshovu zobandlululo, kanye nabangani bakhe.
Inkosi u-Albert Luthuli yazalwa ngonyaka ka 1898 kwaBulawayo. Wayeyisishoshovu esasilwa nobandlululo, usopolitiki kanti waphinde waba ngumengameli we-ANC kusukela ngonyaka ka 1952 kwaze kwaba ukukhothama kwakhe ngo 1967.
ULuthuli bekwaziwa ukuba washayiswa istimela washona ngonyaka ka 1967 eThembeni, kodwa kubuye kwaba nobufakazi obusha obudale kuvulwe kabusha uphenyo ngokufa kwakhe ekuqaleni kwawo lonyaka.
Udaba luzobuyela enkantolo ngomhlaka 13 kule nyanga.