IWorld Health Organisation isixwayise anazwe ngobungozi bokubhema ama e-cigarettes, okubizwa nge-vaping, njengoba kuthiwa kwenziwa kakhulu yintsha esiqala ukuba ne-addiction.

Umbiko we-UN uveza ukuthi okusabalalisa ukusetshenziswa kwama e-cigarettes ukumakethwa kwawo njengento ephephile kunokubhema ugwayi ojwayelekile, okungelona iqiniso. Kuthiwa izikhangiso zezinkampani ezidayisa ama-vape zigxile kakhulu entsheni, osekuholele ekutheni ilutheke.

Ngokombiko, bangaphezulu kuka-100 million abantu emhlabeni ababhema lo gwayi kagesi.

Kubo, abangu 15 million yizingane ezineminyaka ephakathi kuka-13 no-14. Kwamanye amazwe kunezingane ezineminyaka engaphansi kuka-10 esezibhema lento.

Kubikwa ukuthi okunye okufaka izingane kulo mkhuba abazali abazitshela ukuthi akunangozi ukubhema ugwayi kagesi endlini phambi kwezingane, nakho okungelona iqiniso.

Abe-WHO bakhala ngokuthi amazwe awanayo imithetho eqinile ukulawula ukusetshenziswa kwama e-cigarretes