UNgqongqoshe Wezemfundo Eyisisekelo, uSiviwe Gwarube, ngoLwesine uqinisekise ukuthi kusolwa umsebenzi womnyango ngokuputshuka kwamaphepha ezivivinyo zeNational Senior Certificate (NSC).
Ekhuluma nabezindaba, uGwarube uveze ukuthi kuputshuke amaphepha ayisikhombisa, afinyelela ezikoleni eziyisikhombisa ePretoria kungakaqalwa ukubhala.
Uveze kabanzi ukuthi kwabanjwa kanjani ukuthi kunamaphepha ezivivinyo aseputshukile. Uthi noma bekhathazekile ngalesi sigameko asingajwayelekile, kodwa izinhlelo eziqinile zomnyango zokuvikela amaphepha ezivivinyo zikhombisile ukuthi ziyasebenza.
“Uhlelo lwethu lokuqapha lusebenze ngendlela okufanele lusebenze ngalo ukuvikela izivivinyoze-NSC,” kusho uGwarube.
Izinsolo zivele ngoDecember 2 ngesikhathi abaqashelwe ukumaka eGauteng beqapha ukuthi kunezimpendulo ezifanayo ephepheni le-English Home Language.
Lokhu kuholele kuphenyo oluveze ukuthi kuputshuke upaper 1, 2 no 3 we-English Home Language, upaper 1 no-2 weMathemetics, no-paper 1 no-2 wePhysical Science.
UGwarube ube eseveza ukuthi umnyombo wokiputshuka kwalawa maphepha usemyangweni wabo, lapho okuhlelwe khona izivivinyo.
Kuthiwa wadonsa amaphepha nge-USB, wawanikeza omunye umsebenzi osebenza egatsheni lezivivinyo.