Uzwelane nomqeqeshi weSekhukhune United umqeqeshi weMoroka Swallows, uSteve Komphela, ngemuva kokunqoba ngegoli elingekho emdlalweni weDStv Premiership, kodwa ulithathe njengenhlanhla igoli labo.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uKomphela uqale wakhala ngobunzima beligi, nengcindezi ehambisana nalokho.
“Le ligi inzima, kodwa inhle kubantu ababukayo abangahlangene nokwenzeka enkundleni. Kubantu abahambisana neqembu elithile, kunzima, ungagcina usucima iTV ukuze ungaboni ubunzima obuqhubekayo, ubone umphumela kuphela,” kusho uKomphela.
Lo mqeqeshi uthe ukuze abalandeli balethembe iqembu lakhe ukuthi lizoyinqoba imidlalo kule sizini, kumele bakhombise ukuqina ukhakhayi enkundleni, kodwa uyazwelana noBrando Truter ngegoli abanqobe ngalo.
“Kumele ngizithobe ngivume ukuthi mhlawumbe igoli esilikorile…ngiyamzwela uBrandon, ngoba akekho umuntu ofuna ukudliwa ngale ndlela. Omabili amaqembu alwile, kodwa ngicabanga ukuthi sakhe amathuba amaningi kunabo, nasesiwombeni sesibili.”
UKomphela uqhube waxolisa kuBrandon kodwa wathi le nhlanhla ayiqhamukanga ezulwini, bayisebenzelile.
ISwallows ukhuphukele kunombolo 6 kulandela ukunqoba lo mdlalo, izobhekana ne-Orlando Pirates ngesonto elizayo.