Owayengumdlali weKaizer Chiefs, uGeorge ‘Mido’ Maluleka, uthi isamphatha kabi indlela ashiya ngayo iKaizer Chiefs ngesizini ka-2019/2020. UMido washiya iChiefs ngoJanuary ngo-2019, wajoyina iMamelodi Sundowns eyayisembangweni wesicoco seligi neChiefs. 

Ngaleso sikhathi kwavela ukuthi kwaba nokungavumelani phakathi kwabaphathi beChiefs noMaluleka ngenkontileka entsha njengoba yayiphela inkontileka yakhe ngoJuni ka-2019. 

Ngokuhamba kwesikhathi kwagcina sekuvela ukuthi uMido usesayine inkontileka yesibambiso neSundowns, iChiefs yakhetha ukumdedela ngaso leso sikhathi. IChiefs yagcina ngokuyikhomba iligi ngaleyo sizini inqotshwa Amasandawana. 

“Ngiphatheka kabi uma ngikhuluma ngeChiefs. Akukho lula ukukhuluma ngokwenzeka, kodwa sasingavumelani ngenkontileka. Ngangihlala kuze kuphele isizini kodwa ngase ngiphelelwe yinkontileka” kusho uMaluleka ekhuluma neSAFM. 

“Ngiyazi kunabantu abasangicasukele…kunabanye abathi ngadlisela iChiefs kwisicoco seligi. Yini engangingayenza? Sekusemuva manje, angithandi ukukhuluma ngokwenzeka. Kwakungesona isinqumo sami.” 

Lo mdlali usanda kujoyina AmaZulu FC kulandela ukudedelwa yiSundowns ekupheleni kwesizini ka-2021/2022.