Owayeyisikhulu esiphezulu kwiFIFA ngesikhathi iQatar inikezwa ilungelo lokusingatha iNdebe yoMhlaba yango 2022, uSepp Blatter, uthi saba yiphutha isinqumo abasithatha.

UBlatter (86) uveze lokhu izolo wathi ngokwabo kwase kuvunyelwene ngokuthi lo mqhudelwano kumele uye e-United Stas of America (USA) njengendlela yokuzama ukudala ukuthula phakathi kwayo neRussia esingathe iNdebe yoMhlaba ngo-2018.

“Kwakuzoba yindlela yethu yokudala ukuthula phakathi kwamazwe amabili ayizitha kwezepolitiki ngokuthi asingathe iNdebe yoMhlaba elandelana.

“Ngenxa yamavoti amane kaPutin (umengameli waseRussia), umqhudelwano ughcine uye eQatar. Nginitsjhela iqiniso,” kusho uBlatter.

Ebuzwa ukuthi kungani kungayifanele ukusingatha iQatar uBlatter ukhalke ngokuthi incane. Uqhube wathi esinye isikhulu seFIFA ngaleso sikhathi, uMichel Platini, naye wafakwa ngaphansi kwengcindezi wumengameli waseFrance ukuthi eseke iQatar.

Khonamanjalo, siyanda isibalo sabaqeqeshi nabahlaziyi bebhola abangahambisani nokudlalwa kweWorld Cup eQatar ikakhulukazi kwiPremier League,.

Izolo uPep Guardiola uthe abadlali babhekene nenkinga njengoba kumele bazame ukuzivikela ukuze bengalimali ngaphambi kokuqala kwalo mqhudelwano.