Inkakha yeBarcelona ne-Inter Milan, uSamuel Eto’o isidalule ukuthi iCameroon izoxatha iMorocco kowamanqamu weFIFA World Cup eQatar.
U-Eto’o uveze lo mbono ekhuluma ne-ESPN ngaphambi kokuqala komqhudelwano weWorld Cup ngesonto elizayo.
“Sekunesikhathi i-Africa ikhombisa ukuthi ingaphumelela kwiWorld Cup, kodwa asikalikhombisi izinga lethu kuze kube manje. Emnyakeni edlule amazwe ase-Afrika ebasadinga ukujwayela ukudlala kulo mqhudelwano, sesikulungele ukuyinqoba manje. ICameroon izoyinqoba ngokushaya iMorocco kowamanqamu,” kusho u-Eto’o.
U-Eto’o uvalele amagoli awu-56 emdlalweni ewu-118 edlalela iCameroon kusukela ngo-1997 kuya ku-2014. Usewumengameli weCameroon Football Federation.
ICameroon ithole indawo yesithathuu kwi-Africa Cup of Nations nonyaka.
Iqhathwe neBrazi, Serbia neSwitzerland kuGroup G.