Umqeqeshi waMaZulu FC, uRomain ‘Fohloza’ Folz uthi kuzobe sekungekho emqondweni wabadlali ukuthi badliwe kowamanqamu ngempelasonto edlule emdlalweni wabo weCarling Black Label Cup. AmaZulu ashaywe yi-Orlando Pirates ngo 1-0 kowamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo.
Ngempelasonto Usuthu luzobhekana neMamelodi Sundowns kwi-semi-final yeBlack Label Cup.
“Ukuthi asijabule njengamanje akusho ukuthi asicabangi ngomdlalo esibhekene nawo. Akuwona umuzwa owudlilisa kalula (ukudliwa kwi-final) kodwa sekudlilile manje,” kuchaza uFolz.
“Wonke umuntu oyingxenye yeqembu ubuzwile ubuhlungu, kodwa kuningi esiseza nakho, futhi ngiyethembisa sizobe sikulungele ukudlala ngempelasonto,” usho kanje.
AmaZulu azobhekana neSundowns ngo-9.30 ekuseni, bese kulandela umdlalo weKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ngo 12.