Isinqumo seConfederation of African Football Appeal Board sokujika umphumela womdlalo wamanqamu we-Africa Cup of Nations owawuphakathi kweMorocco neSenegal sigqamise ubuhlathi obusakhungethe ibhola lase-Afrika, futhi sizoshiya ichashaza kumlando kaPatrice Motsepe njengomengameli weCAF.
Namhlanje ekuseni sivuke ngezindaba zokuthi iCAF Appeal Board isiphendule umphumela womdlalo wamanqamu odlalwe ngoJanuary nonyaka, yawinisa iMorocco ngo 3-0, okuyisinqumo esimemezele izolo ebusuku kuyoshaya u-12.
ICAF ithi iSenegal yalahla umdlalo ngesikhathi inquma ukuphuma enkundleni ngoba ingeneme nge-penalty eyayinikezwe iMorocco. Abadlali beSenegal nomqeqeshi wayo bahlala ngaphandle imizuzu ewu-17, kwaze kwangenelela uSadio Mane ebacela ukuthi babuyele enkundleni baqhubeke nomdlalo.
Isinqumo seCAF silandela isikhalo esafakwa yiFootball Federation yaseMorocco ngemuva komphumela, ikhalaza ngokuthi kwaphazamisa umgqigqo wayo ukuma komdlalo, yaveza nokuthi ngokwemithetho kwakufanele banikezwe iwin ngesikhathi iSenegal iqoka ukuphuma enkundleni.
I-CAF Appeals Board isebenzise umthetho u-Article 82 no-84 we-AFCON Regulations, othi uma iqembu ‘linqaba ukudlala noma lishiya inkundla ngaphambi kokuthi kuphele umdlalo lingagunyaziwe unompempe kumele lithathwe njengelehluliwe’.
The CAF Appeal Board decided that in application of Article 84 of the Regulations of the CAF Africa Cup of Nations (AFCON), the Senegal National Team is declared to have forfeited the Final Match of the TotalEnergies CAF Africa Cup of Nations (AFCON) Morocco 2025 (“the Match”),…
— CAF Media (@CAF_Media) March 17, 2026
Abadlali beSenegal sebezwakalise ukungasigqiziqakala isinqumo seCAF njengoba bevela bazifakela izithombe zabo nendebe ye-AFCON. Abaphathe ibhola eSenegal kulindeleke ukuthi basiphonsele inselelo enkantolo isinqumo seCAF, okuyinto okungaziwa izothatha isikhathi esingakanani.
Njengoba umdlalo wamanqamu wadlalwa ngo-18 January, abaningi babuza ukuthi kungani kuthathe iCAF izinyanga ezimbili ukunquma kulolu daba.
Abalandeli bebhola eNorth Africa ikakhulukazi basemazweni angomakhelwane eMorocco abahambisani nalesi sinquo, bathi umdlalo ‘unqotshwa enkundleni, hhayi ezinkantolo’.
Nakwi-SAFM namhlanje ekuseni ngesikhathi ngilale uhlelo lukaThulasizwe Simelane ngizwe abaningi bekhalaza ngomkhuba omubi wamazwe aseNorth Africa wokungafuni ukwamukela induku.
Uma ngizisikela kwelijikayo, owami umbono uthi iCAF bekufanele usale usuyiziba le ndaba ngoba imatch commissioner yavuma ukuthi iSenegal ibuyele enkundleni iqhubeke nomdlalo. Onompempe baqashwa yiCAF, okusho ukuthi wumsebenzi weCAF owaba sephutheni ngokungayazi imthetho ngosuku lo mdlalo. Uma usuqhubeka umdlalo bese kunqoba iSenegal, akulona iphutha layo ukuthi yagcina isithatha isicoco.

Lento bekufanele ilungiswe ‘ngasese’ ukuze kuvikelwe isithunzi sebhola lase-Afrika, esathunazeka kakhulu ngalo usuku lomdlalo wamanqamu.
Noma kukuningi okuhle okwenziwa wuPatrice Motsepe njengomengameli weCAF, lesi sinqumo sibhidliza okoningi okumbeke la akhona namhlanje ngoba sikhombisa ubuhlathi ohlangothini lweCAF.
Ngakolunye uhlangothi, ukhona umbono wokuthi isinqumo seCAF sizoba yisifunda kwamanye amazwe ngokuzayo ukuthi angadubi umdlalo uma unompempe ethatha isinqumo abadlali nomqeqeshi abanganeme ngaso, kodwa umbuzo umile; kungani kuthathe izinyanga ezimbili ukuthatha lesi sinqumo?