Inkantolo yoMthethosisekelo namhlanje izolalela isikhalo sekhomishini eyengamele ukhetho kuleli i-IEC ngokungena kukaJacob Zuma ohlwini lwabangavotelwa okhethweni olungo-May 29.
Lokhu kulandela isinqumo esathathwa yi-Electoral Court emasontweni ambalwa edlule sokuthi uZuma unelungelo lokungenela ukhetho noma wathola isigwebo sezinyanga eziwu-15. Kuzokhumbuleka ukuthi umthetho wakuleli uthi umuntu oseke wagwetshwa izinyanga eziwu-12 kuya phezulu akakwazi ukuba yilungu lephalamende.
Ngesikhathi ichaza ngesinqumo sayo i-Electoral Court yaveza ukuthi uZuma wagwetshwa yinkantolo yoMthethosisekelo okusho ukuthi akalitholanga ithuba lokusiphikisa isinqumo senkantolo ngoba akuvumelekile lokho kule nkantolo. Ngaphezu kwalokho, isigwebo sikaZuma saphinde sephulwa kusadlule izinyanga ezintathu kuphela, okuyiphuzu elavezwa abameli bakhe.
UZuma ucele amajaji ayisithupha ukuthi ahoxe kulolu daba ngoba ayekhona ngesikhathi egwetshwa odabeni lwakhe nekhomishini kaZondo ngo-2021. Ukhala ngokuthi lawo majaji angase angabi nobulungiswa kulolu daba.
Ibhentshi linamjaji awu-11 esewonke njengoba uZuma efuna kuhoxe ayisithupha nje, okuphakamisa imibuzo ngokuthi kuzovalwa ngamaphi amajaji uma egcina ehoxa.
Isicelo sikaZuma singase sidale ukuthi lolu daba ludonse, okuyinto abaningi abangayifisi njengoba sekusele izinsuku eziwu-19 kuyiwe okhethweni.
I-IEC idlulisele lolu daba enkantolo yoMthethosisekelo ngoba ifuna ukucaciselekela ngokuthi kwenziwa njani esimeni esikanje ukuze izogwema ukuya ezinkantolo ngomuso.
Khonamanjalo, kulindeleke ukuthi baphume ngobuningi babo abalandeli bakaZuma namhlanje njengoba iqemb lakhe iMK Party linxenxe abantu ukuthi bazomeseka.