Kuyanda ukungaboni ngasolinye phakathi kwahulumeni wase-United Stated nowase-Israel ngokuqhubeka ePalestine.

I-Israel isaqhubeka nempi yayo neHamas ePalestine kulandela ukuhlaselwa kwayo ngo-October 7 ngonyaka odlule.

Babalelwa ngaphezulu kuka-33,000 abantu asebebulewe ePalestine kulempi. Muva nje umengameli wase-USA uJoe Biden uxwayise i-Israel ukuthi bazohoxisa ezinye izikhala abayeseka ngazo uma izoqhuba impi yayo edolobheni laseRafah, okucashe abaningi kuyo njengoba amaPalestine evika amabhomu nezinhlamvu ngapha nangapha.

Ngokombiko we-AFP, izikhulu ezimbili zase-Israel ezisondelene nalolu daba zizwakalise ukuphoxeka ngokwesatshiswa wuBiden.

“Lesi yisitatimende esinzima futhi esiphoxayo esivela kumengameli esimbonge kusukela ekuqaleni kwempi ngenxa yendlela aseseka ngayo,” kusho inxusa le-Israel kwinhlangano yamazwe, uGilad Erdan ekhuluma emsakazweni izolo.

I-Israel izibe imyalelo yamanye amazwe ukuthi ingangeni eRafah ithumela ama-tank amabili. Ingena ibhilidi ngebhilidi ithi ifuna abayingxenye beHamas. Ngokwabaholi base-Israel, abeHamas bagqishe kuleli dolobha futhi balibona kuyindawo yokugcina abacashe kuyo.

Ngesikhathi exwayisa i-Israel uBiden ukhale ngokufa kwezakhamizi zasePalestine ezingazi lutho ngempi eqhubekayo. Uthe akukho kuhle ukuthi sekufe abantu abangaka ngenxa yezikhali zabo.

U-Erdan uthe inkulumo kaBiden izoqhatha i-Israel nezitha zayo abale kuzo i-Iran, Hamas, neHezbollah athe zizonyukelwa yithemba uma zizwa amazwi akhe.

“Uma i-Israel ingavunyelwa ukuthi ingene endaweni ebaluleke njengeRafah la okugcwele khona inqwaba yabaphehli bodlame, abantu abathunjiwe kanye nabaholi beHamas, sizokuzuza kanjani esifuna ukukuzuza? Ekugcineni i-Israel izokwenza ekubona kufanele ukuze iqinisekise ukuphepha kwezakhamizi zayo.”

“Zizoyinquba lempi ngisho engaphikisana nathi uBiden. Kumele siqhubeke nempi kuze kube siyaqeda ngeHamas, kubuye nabathunjiwe ekhaya. Lokhu kuzokwenzeka uma sinqoba eRafah ngokushesha.

I-Israel iqhubekile nokuhlasela izakhiwo eziseRafah ngoLwesine.