Inhlangano ebusayo kuleli i-ANC isukuchithile ukuthi izocela usizo kumalungu eZANU-PF njengoba kubike amanye amaziko ezindaba eZimbabwe nakuleli ngoLwesithathu.

Izolo amaqembu aphikisayo okubalwa kuwo iDA asheshe aphawula kulolu daba ezwakalisa ukungenami ngemibiko yokuthi iZANU-PF izoba yingxenye yabazoqapha ukhetho, esingazi empeleni ukuthi kwayona ikuthathelephi ngoba kumbiko wokuqala ngalolu daba eZimbabwe isikhulu seZANU-PF sithe bakulungele ukulekelela i-ANC uma izodinga usizo lwayo kulolu khetho, kasishongo ukuthi i-ANC isicele usizo.

Iphendula imibuzo ye-247 ngalolu daba i-ANC ithumele isitatimende esithunyelwe nakwabanye bezindaba icacisa ukuthi izikhulu zeZANU-PF zimenyiwe njengezicukuthwane zeqembu elihlobene ne-ANC.

“I-ANC inomlando omude wokumema amalungu izinhlangano zenkululeko e-Afrika nakwamanye amazwe njengezicukuthwane okhethweni. Singakuqinisekisa ukuthi imenyiwe neZANU-PF, kodwa kumele sikugcizelele ukuthi bayizicukuthwane ezimenywe yi-ANC nje kuphela.

IPhini likaNobhala Jikelele we-ANC – uNkk Nomvula Mokonyane – lithe yitulo lamaqembu aphikisayo ukudala ukudideka phakathi kwabantu abayizemenywa nabantu abaqapha ukhetho.

“Njengoba ne-ANC ihlale imenywa yizinhlangano ehlobene nazo, nathi senza okufanayo,” usho kanje.