Umnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal usuveze ukuthi kuzobiza imali engaphezulu kuka-R400 million ukulungisa uzikole ezikhahlamezwe yizikhukhula ngesonto eledlule.

Lokhu kuvezwe okhulumela lo mnyango, u-Elijah Mhlanga, othe zibalelwa ku-630 izikole ezingeke zivule namhlanje. 

“Inkinga esibhekene nayo njengamanje ukuthi imvula isaqhubeka nokuna kwezinye izindawo ngakho sizobeka ukuphepha kwabafundi phambili. Abafundi abangakwazi ukufinyelela ezikoleni sigqugquzela ukuthi bahlale emakhaya. Kwezinye izikole akungeneki nhlobo ngenxa yesimo somgwaqo, kodwa isakhiwo sesikole sikahle ngakho sibheka izisombululo ezihlukene,” kusho uMhlanga ekhuluma ne-eNCA ngoMsombuluko.

UMhlanga uthe kuningi abasidinga ukukwenza njengoba kunabafundi abashonelwe abazali, izihlobo kanye nozakwabo ezikoleni. Kubikwa ukuthi bawu-57 abafundi abashonile ngesikhathi kunezikhukhula ngeledlule. 

Uthe kuzoba nohlelo lokulekelela abafundi abazosala ngenxa yokungakwazi ukubuyela esikoleni namhlanje noma kuleli sonto.

NgoMsombuluko umengameli wezwe uMengameli Cyril Ramaphosa umemezele ukuthi bawu-443 abantu abadlule emhlabeni ngenxa yezikhukhula. Kusathungathwa abanye abawu-48. Lezi zikhukhula zishiywe kukhalwa eKZN njengoba zibalelwa ku-4 000 izindlu ezibhidlikile, 8 000 ezibhodloke kancane, kanti bawu-40 000 abadinga indawo yokufihla ikhanda. 

URamaphosa ubuyisele izwe esimeni senhlekelele ngenxa yezikhukhula wathi kuzosetshenziswa isikhwama seSolidarity Fund, ebesisetshenziswa ukunqanda ukusabalala kwe-Covid-19.