Izinkampani zokubheja sezivule imakethe yokubhejela ukhetho lukazwelonke eNiningizimu Afrika. Phakathi kwezinkampani ezivule le makethe kubalwa iSunBet, evule iminxa ehlukene yokubhejela ukhetho lwakuleli.

Abantu bakuleli bazogcwala eziteshini zokuvota ngoLwesithathu (29 May) njengoba kuzongena uhulumeni omusha nonyaka.

Phambili kule minxa umunxa wokuthi ubani ozoba wumengameli wezwe. ICEO yaseSunBet uGideon Mann, uveze ukuthi kunenqwaba yabantu esibhejele ukuthi uRamaphosa uzobuya kwesobumengameli.

Engxoxweni ne-eNCA, uMann uveze ukuthi abantu abaningi bazitshela ukuthi ukubhejela ezemidlalo yikona okuhamba phambili kuleli, kanti empeleni ukubhejela ukuthi ubani ozonqoba ukhetho phakathi kuka-Joe Biden noDonald Trump yikona okuzoshaya zonke ezinye izimakethe zokubheja nonyaka.

Ngaphandle kwalo munxa, kunenqwaba yabantu ababheje ukuthi i-ANC izothola amavoti angaphezulu kuka-50%, ngakolunye uhlangothi bakhona futhi nabathi izothola amavoti angaphansi kuka-50%.

Kuthiwa kunenqwaba yabantu futhi ababhejela ukuthi iMK Party izosidla isifundazwe saKwaZulu-Natal.

Ukubhejele le-makethe kuvalwe ku-R500,000, okusho ukuthi awukwazi ukubeka isiteki esingaphezulu kwalokho.