Kushone owesifazane obezithwele, sekubalwa izinsuku ngaphambi kokuthi atete, engozini eyenzeke emgwaqeni u-M4 ngaseBlue Lagoon eThekwini ngoLwesibili ekuseni.

Ngokombiko weALS Paramedics, le ngozi yenzeke ngezithuba zabo-11 namhlanje ekuseni kanti kulimale abantu abayisikhombisa kuyo, okubalwa kubo izingane ezintathu.

Intatheli ye-eNCA uDasen Thathiah isiveze ukuthi lo wesifazane iminyaka yakhe ibilinganiselwa ku-30, futhi ingane yakhe ibisikulungele ukulethwa emhlabeni. Oyedwa wabezimo eziphuthumayo ofike kuqala endaweni yesigameko, uthi ingane empeleni bekumele izalwe izolo, kodwa kwahlehliswa usuku kwathiwa akabuye ngesonto elizayo ngoMsombuluko.

Abezimo eziphuthumayo bafike bazama ukumnikeza usizo lwe-Advanced Life Support ukuze aphefumule, waphuthunyiswa esibhedlela kodwa bahluleka ukubahlenga nengane.

Abanye abayisikhombisa abalimele bayiswe ezibhedlela ezihlukene eziseduzane.