Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, uthi bekudlala iqembu elilodwa emdlalweni wabo neTS Galaxy izolo abawunqobe ngo 2-1.
Ngalo mphumela iSundowns isihamba phambili ngamaphuzu awu-19 kwi-log yeDStv Premiership. URhulani ube wumqeqeshi wokuqala emlandweni wePSL ukunqoba imidlalo ewu-9 kulandelana. ISundowns isinqobe imidlalo ewu-13 kulandelana kwiligi.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, ubongele abadlali bakhe njengenjwayelo, wathi umdlalo ubungekho nzima.
“Angiboni ukuthi bekuwumdlalo onzima, ngicabanga ukuthi kucacile ukuthi bekudlala iqembu elilodwa enkundleni. Ngiyalibongela iqembu, ngibongela nabadlali abadlale kahle,” kusho yena.
“Sakhe amathuba amangaki nje? Besingashaya inqwaba yamagoli.”
ISundowns izobhekana neSekhukhune ngoMgqibelo ngo-15:30.