Sidlule nemiphefumulo yabahlanu isishingishane esilandele imvula ebihamba nomoya onamanda ngoMsombuluko ntambama eThekwini.
Kushayeke kakhulu izindawo ezisenyakatho neTheku, uThongathi neBallito, nezinye.
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni (Cogta) ushicilele isitatimende izolo uqinisekisa isibalo sabashonile.
“Uhulumeni waKwaZulu-Natal uzongenelela usize kwisimo esidalwe yimvula enamandla ehambisana nomoya ezingxenyeni ezihlukene kulesi sifundazwe, okudale umonakala kwimizi nakwizakhiwo.
“Okwamanje ngeshwa bahlanu asebedlulile eThekwini, okuyindawo eshayeke kakhulu. Kunabantu abaphuthunyiswe ezibhedlela,” kusho okhulumela umnyango uSboniso Mngadi.