Kubikwa ukuthi sihlukene phakathi isigungu esiphezulu se-ANC ngokusebenza ngokubambisana neDA njengoba sezigqalile izingxoxo ngama-coalition.

Ngokombiko we-IOL, umhlagano walaba baholi obekumele ube kusasa usuhlehliselwe uLwesine ngenxa yokukhombana kwababaholi be-ANC ngemphumela yokhetho.

I-ANC ithole amavoti angaphansi kuka-50% okokuqala ngqa kusukela emlandweni wayo, futhi abaningi bathatha lokhu njengesiqalo ekupheleni kombuso wale nhlangano.

Ngenxa yamavoti ewatholile i-ANC kumele ifongqe isigqoke ibone ukuthi yiliphi noma yimaphi amaqembu engasebenzisana nawo kuhulumeni omusha.

“Isimo sishubile njengamanje. Hhayi ngoba sidliwe wuMkhonto weSizwe Party, okusihlazile, kodwa ngoba sekuvele ukuthi kunezinyoka ezine kwi-NEC, esisola ukuthi bezisebenzisana neMK sonke lesi sikhathi,” kusho umthombo ocashunwe yi-IOL.

Umhlangano we-ANC kuzobe kungowokuqala selokhe kumenyezelwe imiphumela yokhetho ngeSonto. Kunamaqembu, okubalwa kuwo iMK, afuna luqalwe phansi ukhetho akhalaza ‘ngokurojwa’, amanye athi maningi kakhulu amaphutha enzekile ngesikhathi kubalwa amavoti.

Amanye amaqembu asecele ukuthi kubalwe kabusha amavoti ezindaweni akhala ngazo, kodwa iMK ithe ifuna kuqalwe phansi ukhetho.