UNgqongqoshe wezeMidlalo namaSiko, uMnuz Zizi Kodwa, uvele eNkantolo yeSpecialized Commercial Crimes ePalm Ridge ngoLwesithathu ekuseni, ubhekene namacala enkohlakalo.
UKodwa uvele nowayengumphathi wenkamoani i-EOH, uJehan Mackay, okusolwa ukuthi inkampani yakhe yazuza u-R400 million ezinkontilekeni zikahulumeni ngobudlelwano bakhe nongqongqoshe.
Kusolwa ukuthi uKodwa waba nesandla ekukhishweni kwezinkontileka ngesikhathi esakhulumela i-African National Congress (ANC) futhi eyilungu lesigungu esiphezulu seqembu (NEC).
Minister of sports , arts and culture Zizi Kodwa and another accused are appearing before the Palm Ridge Magistrate Court on charges of corruption amounting to R1.6 million. @TimesLIVE pic.twitter.com/DwxjJ0YcSI
— Thabo Tshabalala (@Thabo_Tshaba) June 5, 2024
Ijaji ebeliphethe icala uSheron Solo Rantao linqume ukuthi amacala kaKodwa noMackay angaphansi kohlelo lwesihlanu, okusho ukuthi abasolwa kumele bafake isicelo sebheyili ngokusemthethweni.
NgoLwesithathu ntambama esithangamini nabezindaba i-ANC iveze ukuthi uZizi Kodwa uzokhishwa esikhundleni ajutshwe kuso ngokomthetho we-step aside.