Sekuhlale obala ukuthi kukhona ukungezwani phakathi komdlali weManchester United, uJadon Sancho, nomqeqeshi weqembu u-Erik ten Hag.
Lokhu kulandela ukugqojwa kukaSancho isikimu izolo emdlalweni we-United ne-Arsenal, okushiye abaningi bezibuza imibuzo ngokungabibikho kwakhe ebhentshini.
Ngaphambi komdlalo izintatheli ngathi zidonswe ngendlebe zacelwa ukuthi zingabuzi lutho ngoSancho, kodwa ngemuva komdlalo ingene ngobuningi.
Ephendula le mibuzo uTen Hag uthe lo mdlali ubengekho ezingeni elilindelekile kwi-training kuleli sonto.
Ngemuva kwempendulo kaTen Hag, uSancho uvele wamphikisa ezinkundleni zokuxhumana wathi kuvikwa ngaye.
“Ngicela ningakholwa konke enikufundayo. Ngeke ngikuvume ukuthi abantu bakhulume izinto ezingekho ngami. Ngiziphathe kahle kwi-training kuleli sonto. Ngikholwa wukuthi kunezinye izizathu ngokungadlaliswa kwami kodwa ngeke ngingene kuzo. Sekukaningi kuvikwa ngami…engifuna ukukwenza ukudlala ibhola ngijabule.”