Umqeqeshi weStellenbosch FC uthi akazi kushintshephi ngokunikezwa kukaSibongiseni ‘Ox’ Mthethwa indondo yeMan of the Match ngemuva komdlalo wabo ne-Orlando Pirates izolo.

UMthethwa ushaye into ecokeme emdlalweni wayizolo esiswini, okumangaze abaningi enganikwa indondo yomdlali ovelele ngemuva komdlalo. Kugcine kuqokwe uPatrick Maswanganyi oshaye ama-assist amabili kulo mdlalo. Uqale ngokufakela uZakhele Lepasa ibhola elihle ekora igoli elibabuyise emdlalweni. Kuthe usuyophela umdlalo waphinde wabeka elinye ibhola ekhanda likaHotta, olithinte kancane lashona phakathi.

Ekhuluma ngemuva komdlalo kodwa uBarker uthe umdlali obashaye bonke amakhanda.

“Ngizwe kuthiwa uSibongiseni Mthethwa obe yiMan of the Match, kwashintsha sebekore igoli. Angazi kushinsteni ngoba bengibona ewumdlali obahlula bonke enkundleni,” kusho uBarker.

“Ukudlala ngendlela adlale ngayo, nomfutho abewukhombisa ejaha abadlali, ecindeza ukuze awine ibhola, kungenza ngiziqhenye njengomqeqeshi.”