Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uMnuz Julius Malema uvume induku yeMK Party okhethweni, kodwa uthi akayindawo njengomholi waleli qembu.
UMalema ubekhuluma eMidrand ngoMgqibelo ngemuva kokucaca kwemiphumela yokhetho kodwa ebingakmenyezelwa.
“Besisatamatasa nenye ingxenye ye-ANC, sisalungiselela ukudlulela kwenye, kwaqhamuka uZuma wayithatha leyi ngxenye. Asikhalazi. Besifuna ukuyithoba i-ANC. Ithobekile manje,” kusho uMalema.
Uqhube wathi vele isifiso sabo ebesihamba phambili wukuthi i-ANC ithole amavoti angaphansi kuka-50%.
“Okokuqala kusukela ngi-1994, i-ANC ayisenalo iningi ePhalamende. Kusukela manje iPhalamende selizothatha izinqumo eziphusikle, ezingahambisani nezifiso zeqembu elilodwa.”
Echaza ngamandla eMK, efike yathusa abaningi ngamavoti ewaqoqile, uMalema uthe bebebambelele kumavoti abantu ababesaseka uZuma ngisho engasayena umengameli we-ANC.
We extend our deepest appreciation to you the people of South Africa, for your continued support of the EFF. A special thank you to the dedicated ground forces, Commissars, party agents and all volunteers of our revolutionary movement. We accept this mandate with humility and are⦠pic.twitter.com/ijUnV8Pgr4
— Julius Sello Malema (@Julius_S_Malema) May 31, 2024
“Abantu ababehamba noZuma ngesikhathi esuswa babenganalo ikhaya ngoba babengamfuni uCyril Ramaphosa, bagcina sebewelela kuthina. Manje sekusicacela, labo bantu kwakungebona abethu.
“Kuhle ukuthi bathole ikhaya, abanethezeke ekhaya labo.”