Sphamandla Gumede
Ilinganiselwa ku-R100 million imali ezokwanela ukubuyiswa kwemidlalo ye-Absa Premiership neGlad Africa Championship esifundazweni iGauteng.
Lezi zindaba ziqinisekiswe ibamba lesikhulu esiphezulu senhlangano iSouth African Football Association (SAFA) uTebogo Motlanthe ngoLwesithathu.
Ezemidlalo zaphazamiseka kakhulu ngokubheduka kwesifo iCovid 19, okwadala ukumiswa kwebhola likanobhutshuzayo kuleli ngoMashi 16 nonyaka. ISAFA nePSL banqume ukuqedela imidlalo esifundazweni esisodwa ukuze abadlali bezophepha.
Ibhodi lePSL lizobamba umhlangano nabaxhasi iNedbank, Absa, abasakazi bezemidlalo iSuperSport TV ngoLwesihlanu ngenhloso yokudingika izindaba ezimayelana nokuqhubeka kwemidlalo.
UMontlanthe uthi imali ezodingeka ukuze kuqhubeke imidlalo yamaligi womabili, ukusebenza nokuhlaliswa konompempe abangu-100 abazokhokhelwa iSAFA, kuzobiza imali esondela ku-R100 million.
“Imali ebekiwe uR100 million. Lemali izosiza wonke umuntu ozobe eyingxenye yemidlalo yamaligi. Lemali Ilihlanganisa amaqembu angu-32 kanye nonompempe nabasizi. IPSL ibale lemali ngokwezimfuno nabantu abazodingakala kulemidlalo,” kuchaza uMontlanthe.
Amaqembu akwiPremiership agcine ukuthola uxhaso luka-R2 million kwiPSL ngoJuni. Ukunqamuka kwenkontileka ye-ABSA nePSL ekupheleni kwesizini kushiye amaqembu ekhala kwazise alikho iqembu eselithole uxhaso kusukela ngoJulayi.
Imibiko iveza ukuthi kunamaqembu akwiGladAfrica angayizwa kahle indaba yokukhokha imali elinganiselwa ku-R2,5 kuya ku-R3 million ukuze ezokwazi ukuhlaliswa ezindaweni lapho kuzoqedelwa khona imidlalo. Lokhu kwenza ibhodi licabange ukuyiqeda iGladAfrica, liqhubeke nesizini ka-2019/20 ye-Absa Premiership kuphela.
ISAFA inqume ukuba amaligi aqale ngo-Agasti njengoba kusasele nemidlalo eyandulela eyamanqamu yeNedbank Cup. IPSL ibihlele ukuqedela imidlalo esikhathini esingamasonto ayisithupha.
NgoLwesithathu, inhlangano yebhola iFIFA inikeze iSAFA igunya lokuqala isizini ka-2020/21 ngemuva kwenyanga u-Agasti.