Isikhulu seBetway uLaurence Michel sithi zizonyukela ngaphezulu kuka-R900 million izigidi okuzoxhaswa ngazo iPSL uma isivumelwano sokusebenza sizodlulela kunyaka wesine.
NgoLwesithathu, inkampani iBetway iqinisekiswe njengabaxhasi abasha esizobizwa ngeBetway Premiership.
USihlalo wePSL uDr. Irvin Khoza uqinisekise ukuthi iBetway izoxhasa ngezigidi ezibalelwa ku-R900 million eminyakeni emithathu ezayo.
UMichel ucacise kabanzi ngesivumelwano sika-R900 million, waveza ukuthi lemali ikalelwe iminyaka engaphezulu kwemithathu.
“Lezinombolo (R900 million) ziyesabeka. Izigidi zikalelwe iminyaka engaphezulu kwemithathu esayinwe kwisivumelwano. Sivumelane ngokusebenzisana iminyaka emithathu.
“Kungenzeka singafinyeleli kulezigidi (R900 million) eminyakeni emithathu. Ngibona kungenzeka lokho uma isivumelwano siqhubekela phambili. Inkulu imali yoxhaso, sizibophezele ngokufaka imali enkulu ngoba siyinkampani enkulu. Sibone kungeke kusinde ukuxhasa ngalemali,” kubeka uMichel ekhuluma nabeSuperSport TV.
Uqhube wathi umsebenzi wabo ukuqinisa icontent yePSL, nokuletha ubumnandi ezinkundleni njengoba benza kwiSA20.
Imidlalo yeBetway Premiership ikhishwe ngoLwesithathu ebusuku. Imali ezotholwa oshampeni nendebe abazoyiphakamisa ibingakaqinisekiswa.
IMultiChoice izoqhubeka nokuxhasa iPSL. Iligi yokufukula abadlali abasebancane iDStv Diski Challenge (DDC) izoqhubeka nokuxhaswa uMultiChoice eminyakeni emihlanu ezayo.