Minenhle Zwane

Ubabaza ubukhulu bukaMdali umlingisi omusha osazoshubisa kumdlalo wansuku zonke phakathi nesonto kuSABC 1, uZalo.

UMpume Ngwenya okhulele eNtuzuma, eThekwini, udlala indawo kaMazaza “omusha” kulandela ukuhlukana kwenhloko nesixhanti phakathi kophrojusa bomdlalo nobedlala le ndawo phambilini uSphe Mzimela. UMpume owaphothula iziqu zokulingisa (Dramatic Arts) eDurban University of Technology uthi intshesekelo yokulingisa waqala ukuba nayo esayingane.

“Ngaphambi kokulingisa ngangizifela ngokuba uzime kodwa ngangimufishane ngakho lokho kwakungangivumeli ukuthi ngibe wuzime. Ngikhule ngiwumuntu othandayo ukubuka izinhlelo zethelevishini, ngangikuthokozela engangikubuka ngase ngiba nothando lokungisa,” kuchaza uMpume.

Lo mlingisi akamusha kumabonakude kuleli njengoba eseke walingisa kwiLoxion Lyric, iThuba Lokugcina (SABC 1) nakwiB&B ku-eTV.

Engxoxweni neGibela lo mlingisi usitshela ukuthi esaqala ukubonakala kuZalo kwahlukana imibono kubalandeli balo mdlalo obukwa abantu abangaphezulu kuka-9 million.

“Ngangizifunda izinkulumo zabantu ezinkundleni zokuxhumana ngabona ukuthi kusazothatha isikhathi ukuthi abanye bamukele ukuthi usehambile uMazaza abamjywayele kodwa babekhona nabanye ababekuthakasele ukufika kwami kulo mdlalo,” kusho lo mlingisi.

Uqhube wathi indlela amukelwa ngayo wayeyilindele ngoba uyazi ukuthi ushintsho alukho lula.

Ekhuluma ngendawo kaMazaza ayilingisayo, uMpume uveze ukuthi bahluke kakhulu uma eziqhathanisa naye ngoba yena uwumuntu onamahloni futhi obekezelayo kanti uMazaza uwumuntu ophoqa izinto njengoba namanje efuna ukushadwa ngenkani.

“Mina anginanxa nokuhlala la uNkulunkulu asuke engibeke khona ngaleso sikhathi. Ngizifundisile ukwamukela ukuthi yonke into edalelwe mina iyokwenza ngesikhathi sayo,” usho kanje.

Echaza kabanzi ngoMazaza omusha uthi abantu abalindele lukhulu kuye yize noma esazoba nezinto ezithile azifunayo kodwa kusazoba khona izinguquko ezinkulu kuye.

Uthi ukuthola ithuba lokuba kulo mdlalo onabalingisi abaphambili nenqwaba yababukeli kuleli kusho lukhulu kuye.

“Kuyangijabulisa kakhulu. Kade kwaba yisifiso sami ukuba semdlalweni ofana nalona. Yize ngingene endaweni ebilingiswa omunye phambilini, ngisakujabulela ukuba kulo mdlalo.”

Ngaphandle kokulingisa, uMpume uthe unamanye amakhono njengokudansa, nokubhala nokuhaya izinkondlo. Uthe uyazi futhi ukuthi enhlizweni yakhe unothando lokusakaza ngakho angaligxumela ngazo zombili ithuba lokwethula uhlelo emsakazweni.

Ukuvezile nokuthi, njengabalingisi abaningi abakuthelevishini, nakuye uthando lokulingisa lwaqiniswa yimidlalo yeshashalazi futhi usazoba yingxenye yayo eminyakeni ezayo.