UPhrojusa ophinde abe umculi uCleopas “DJ Cleo” Monyepao ukhala ngama-influencer azitamuzelayo ngokupikelwa ukuzodijeya ezindaweni zobumnandi ekubeni engahlomile ngolwazi nangesipiliyoni.
UDJ Cleo, obambe kuRadio 2000 kulezinsuku, uveze uvo lwakhe ngomkhakha wokudijeya ngesikhathi emenywe ohlelweni iPodcast and Chill enedumela ezinkundleni zokuxhumana.
UCleo uthi alisanakwa ithalente kepha sekubhekwa abalandeli onabo ezinkundleni zokuxhumana ukuze uzoqashwa.
“Kuyadabukisa okwenzakalayo. Ngibonile ezinkundleni zokuxhumana kubhuqwa ngokuthi sekuqashwa abantu abangenathalente. Angikhulumi ngabesifazane abangodijeyi kuphela kodwa ngibala nasemkhakheni wokulingisa nasemsakazweni. Kubhekwa abantu abadumile ezinkundleni zokuxhumana,” kubalisa uCleo.
“Odijeyi abaningi bakhala ngenkinga eyodwa yokungaqashwa ngenxa yama-influencer.”
Odijeyi besifazane badla ubhedu kulezinsuku. Phakathi kodijeyi abanedumela kukhona uSlenda “Da Dancing” DJ, DBN Gogo, Uncles Waffles, Thuli P noDJ Owami Mafokate oyindodakazi yenkakha yomculi we-Kwaito u-Arthur Mafokate.
UCleo uqhube wathi akanacala uDJ Maphorisa ngokugodla namalungelo ezingoma zabanye abaculi uma zididiyelwe e-studio sakhe. Uthe umzali unelungelo lokugodla amalungelo engoma ekhiqizwe yingane yakhe uma isencane ngokweminyaka futhi leyongoma uma ididiyelwe endlini kamzali.