Ummeli onamava kwezomthetho kuleli usegxeke indlela u-Advocate Malesela Teffo enze ngayo eNkantolo ngoLwesibili ngenkathi eyitshela ukuthi uyahoxa kuleli cala ngenxa yokusongelwa nokungahlonishwa yinkantolo.

UTeffo umele abasolwa abane kulelicala lokubulawa kwaloyo owayengunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates uSenzo Meyiwa ngo 2014. UMshushisi uZola Majavu utshele isiteshi sezindaba i-eNCA ukuthi okwenziwe wuTeffo kuphambene nendlela okwenziwa ngayo. 

“Uma uhlukunyeziwe noma ikhasimende lakho liphatheke kabi zikhona ezinye izinqubo ongazilandela. Ukusola ijaji kuphambene,” kusho uMajavu.

Uthe indlela enze ngayo ikhombisa ukuthi akafundisekile kahle ngenqubo mgomo yenkantolo noma akakwazi ukwamukela ukuthi akuzona zonke izinqumo ezizohambisana nekhasimende lakhe ezizothathwa inkantolo. 

Uthe kuyinto ejwayelekile ukuthi abameli babalaxaze abasolwa ngezizathu ezithile kodwa kuba nenqubo mgomo elandelwayo. 

UMajavu uphinde wagxeka nesenzo sikaTeffo sokufundela inkantolo incwadi yomsolwa wesithathu uMnuz Mthokozisi Carlos Ncube, ekhala ngokungaphatheki kahle ejele. 

“Uzakwethu bekumele ayise uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo eNkantolo. Vele indlela alusingathe ngalo udaba lwencwadi ibingeke iphumelele,” kuchaza uMajavu. 

Ummeli we-AfriForum u-advocate Gertie Nel uhambe emazwini kaMajavu naye wasigxeka isenzo sika Teffo

Uthe: “lokhu akufanele neze kwenzeke. Zonke lezinkinga kufanele zixazulwe ngendlela, ngenqubo yenkantolo. Icala kuzomele liqhubeke lize liyophela.”