Siyanda isibalo sabagxeka iPSL ‘ngokuchitha’ izinkampani ezizama ukuxhasa iMoroka Swallows edinga usizo lwezimali njengoba abaphathi bayo behluleka ukumelana nezindleko zokuphatha iqembu eligijima kwiDStv Premiership.
Kuqale kwavela ukuthi iPSL yachitha isicelo seTelkom sokuxhasa iSwallows ngesikhathi kusanda kuqala isizini, okuyifake enkingeni kule sizini kwaze kwashaya isikhathi sikakhisimusi kunokungezwani phakathi kwabaphathi beqembu nabadlali ngodaba lwemiholo. Muva nje sekuphinde kwavela imibiko yokuthi kasihambanga kahle isicelo seGoldrush sokuxhasa iSwallows.
IGoldrush yinkampani yezokungcebeleka enengxenye ethinta ukubheja. Ngokwemithetho yePSL kunesivumelwano phakathi kweligi nenkampani yokubheja okumele sisayinwe ngaphambi kokuthi inkampani ixhase iqembu elidlala kwiPSL, okuyiso esivimbe uxhaso njengoba kuthi iGoldrush ayisizwa kahle.
“UMichael Murphu (ummeli wePSL) wakuvimba ukuxhaswa kwethu yiGoldrush, udaba alufikanga ngisho kwi-Exco yePSL. Iligi iyazivikela njengoba sizwa kuthiwa ingase ixhaswe yinkampani yokubheja, asikaziswa ukuthi iyona yiphi,” kusho usihlalo weSwallows uDavid Mogashoa engxoxweni ne-iDiski Times.
Uveze ukuthi uxhaso lweTelkom lwachithwa ngoba iTelkom yayifuna ukuveza imidlalo yeSwallows engadlali kwiTV nge-stream.
Okwamanje akukacaci ukuthi iSwallows izokwenzenjani ngenkinga yezimali kodwa isisabalele nemibiko yokuthi abanikazi bayo bahlela ukuyidayisa.