Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokoena uthi kunezinto ezibalulekile asezicoshe kumqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos. 

URulani ubekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo weligi nePolokwane City ophele zibambene ngo 0-0 eLoftus Versfeld Stadium. 

URulani uqale ngokubongela abadlali abalishumi eqenjini abazomela iNingizimu Afrika kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) e-Ivory Coast. 

“Ngizoqala ngokubongela iqembu ngoba lokho kukhombisa ukuthi siyakwazi ukusayinisa abadlali abasezingeni. Ukusayinwa kwabadlali kuwumsebenzi weqembu. 

Ngiyababongela abadlali ngoba iningi labo libhekane nobunzima ezikhathini ezedlule. Umqeqeshi wathi angeke esambiza uThemba Zwane ngenxa yeminyaka. 

UZwane akazange akhononde kwabezindaba, kunalokho waqhubeka nokuzimisela enkundleni. Ungomunye wabadlali ababalulekile kwiBafana Bafana.

Umqeqeshi wayemanqika ngokubiza uKhuliso Mudau kodwa usengomunye wabadlali abaseqenjini lesizwe,” kuchaza uRulani. 

URulani uthi ubona uBroos engumqeqeshi okwazi ukushintsha umqondo ngabadlali futhi kunabadlali athembele kakhulu kubona. 

“Ngifunde izinto ezimbili kuHugo Broos njengoba ngisengumqeqeshi osemncane. Ngifunde ukuthi ungawushintsha umqondo ngoba abantu abahlakaniphile bayayishintsha indlela yokucabanga. 

Ukuzimisela yikhona okuzokhulumela umdlali ukuze umqeqeshi ezoshintsha umqondo. Ngifunde nokuthi umqeqeshi uyakusebenzisa ukuthembeka, ngizokwenza umzekelo ngoNyiko Mobbie ozobe ekhona esikwatini. 

UBroos unabadlali abathembile abakwazi ukwenza lokho akufunayo. Akusajwayelekile ukuthembeka emphakathini. 

UBroos udla ngoludala, ukhuluma into eqondile. Kuyenzeka abantu bengakuthandi uma ukhuluma iqiniso. Inhlonipho, iqiniso nokwethembeka kuyizimfundiso ezingekho emphakathini,” kuchaza uRulani. 

IBafana izovula i-AFCON neMali ngomhlaka 16 kuJanuary. IBafana iqhathwe neNamibia neTunisia kuGroup E.