Ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela owesifazane oneminyaka ewu-48 osolwa ngokubulala indodana yakhe ekhubazekile wayinquma ikhanda.

Lo wesifazane ogama nguStephina Sefekwane Chuene uvele enkantolo yemantshi ePolokwane ngoMsombuluko nangoLwesibili kuleli sonto kulandela ukuboshelwa ukubulala indodana eneminyaka ewu-18.

“Uzogcinwa esitokisini kuze kube u-May 16, 2024 lapho ezofaka khona isicelo sebheyili,” kusho uphiko lwezokushushisa esitatimendeni.

“Uboshwe kulandela ukutholwa kombiko ngokubulawa kowesilisa ngoLwesihlanu May 3, ngezithuba zabo-13:00 esigodini saseLeshikishiki. “

Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko, eduze kwendawo yokucima ukoma, afice isidumbu somfana oneminyaka engu-18 sishumpulwe ikhanda sidindilize esihlalweni sakhe esinamasondo.

Uphenyo lwamaphoyisa luwaholele kunina womfana, waboshwa.