Bahlukene phakathi abantu ngodaba lweSILO esilobole uMasesi Nomzamo Myeni waseMakhonyeni, eJozini, njengoba kuvela ukuthi unezingane ezingaveli kwiMbube.
Abanye abangomakhelwane bakaMaMyeni ezinkundleni zokuxhumana bebebabaza, beqinisekisa ukuthi zikhona impela izingane, kodwa akekho osekuqinisekisile lokhu eNdlunkulu. Le ntokazi isiyindlovukazi yesilo yesithathu njengoba siganelwe nguNkk Ntokozo uKaMayisela noNkk Nozizwe Mulela waseSwatini.
Ngokwemibiko engaqinisekisiwe, kube nokungaboni ngasolinye eNdlunkulu kaZulu ngokuthathwa kukaMaMyeni, kodwa konke kuqhubeke njengoba bekuhleliwe ngeSonto eJozini.
Okuhlukanise phakathi abantu ezinkundleni zokuxhumana wukuthi kwenzeka lo mcimbi nje kuke kwasuka esinamathambo ngasekuqaleni konyaka kuFacebook kubangwa indaba yokuthi isintu sithini odabeni lokuthathwa kwabesifazane abanezingane. Lolu daba lwaze lwaqhatha umethuli wezinhlelo osewumlingisi uKini Shandu, owakhwela wadilika kuma-baby mama kwasala kancane aphelelwe yisinkwa njengoba kunabathile ababefuna axoshwe ngisho kuMkhokha.
Abaseka ISILO basishayele ihlombe ngokuthatha umuntu esimthandayo. Abanye, njengosomabhizinisi wezinkulumo ezakhayo, uZibu Masotobe Sibiya bathe sikhombise ubuqotho.
“Akekho umuntu ophilayo ongenaso isici, amukho ongalenzi iphutha kodwa indoda eyenza okufaneleyo noma kungelula, noma abantu beyiyocula isuke iphelele.
“ISilo sikaZulu uma singaphelele singaqhoboza amatshitshi kulale uyaca kujike kungabi ndaba zalutho, kodwa ukukhetha kwaso ukuhlonipha igceke lomfokazana, lihambise izinkomo ziphelele, sihloniphe igceke, iNduna, izintombi nezi nsizwa zendawo, wahlonipha nathi uqobo.
“Nasi isintu esisaziyo, uma inhliziyo yakho ithathekile, waqomisa, wathandwa, kuhle ukuhlonipha abazali be ntombi, nezintombi zangakubo ngokuphelelisa enikuqale esithe.
Omunye uthe: “Anoke nifunde ukubongela ezinye izingane, usisi ujabule noBayene naye ujabule. Ukuthi izingane zingaki akunankinga nina yehlisani umona niqonde ukuthi usisi ungumuntu kaBayede.”