Umdlali weKazier Chiefs uMduduzi Shabalala usebizwe esikwatini seBafana Bafana ukuzovala isikhala sikaRelebohile Mofokeng olimele.
UShabalala uthola elinye ithuba lokuziveza kubaqeqeshi beBafana kwimidlalo emibili emqoka yokuhlungela i-2026 FIFA World Cup.
IBafana Bafana izobhekana neZimbabwe ngoLwesihlanu eMoses Mabhida Stadium ngo-18:00, bese itholana phezulu neRwanda ngo-14 October eMbombela Stadium.
UBroos ubiza uShabalala esikwatini nje nangenyanga edlule umbizile, noma engagculisekile ngezinga leKaizer Chiefs nakule sizini.
Ngesikhathi ememezela isikwati ngesonto eledlule uBroos wabeka kanje ekhuluma ngeChiefs:
“Mhlawumbe ngizocasula abantu, kodwa ngibuke umdlalo weChiefs izolo; iChiefs ayidlalanga kahle,” kusho uBroos namhlanje.
“Mhlawumbe ngibuka izinto ezihlukile kunani, kodwa angikwazi ukuthi ngibone umdlalo omuhle izolo. Ngifuna ukubona abadlali belwa enkundleni. Kunzima ukukubona lokho.
“Njengamanje kodwa asiyiboni iSundowns izicanasela. Kuyabonakala ukuthi iPirates isidlala kahle manje, futhi inabadlali abaningi abahle.”