Umqeqeshi weKaizer Chiefs osekulindwe ukuthi kumenyezelwe ukuthi usexoshiwe, uNasreddine Nabi, usekuchithile ukuthi kunezingxoxo phakathi kwakhe namaqembu amakhulu aseTanzania njengoba esenokubonakala khona kulezi nsuku.

Ngokwemibiko evela eTanzania uNabi uvakashe eDar es Salaam eTanzania, kodwa uthi akazile ngebhola.

“Ngiyabona abantu bathi ngizele iSimba, abanye bathi ngizele iYanga…cha! Nginohambo lwami nje. Ngicabanga ukuthi okwesithathu ngilana kulo nyaka,” kusho uNabi ephendula izintatheli efika eDar es Salaam.

“ITanzania ifana nekhaya, yingakho ngilana. Selokhu ngifikile angikahlangani namholi weSimba noma weYanga. Ngizele izinto zami.”

Kubikwa ukuthi uNabi wakha isikole eTanzania njengendlela yokunikela emphakathini ngemuva kwesikhathi sakhe kwiYanga esimakhele udumo.

Ngaphandle kokubonakala eTanzani, lo mqeqeshi usanda kuvakashela nase-Egypt lapho ahlangane khona nowayengumgadli weYanga, uFiston Mayele.

Khonamanjalo, kubikwa ukuthi akulindelekile ukuthi uNabi abuyele emsebenzini wakhe kuMakhosi noma kusekhona amasekela afika naye.

Kulindeleke ukuthi uma exoshwa nawo amlandele okungenani ekupheleni kwesizini.