Umqeqeshi weMC Alger uRulani Mokwena usebonge umsebenzi owenziwe abaqeqeshi baphambilini kuleli qembu ngemuva kokunqoba umdlalo wesithathu kulandelana kwiligi.

UMokwena obekhuluma ngemuva kokubuka ezakhe zinqoba ngo 1-0, uthi abaqeqeshi athathe umsebenzi wabo bashiye isisekelo esihle kuleli qembu elingompetha base-Algeria.

“Ngaphambi kokuthi ngiye kude, ngicela ukubongela wonke umuntu kuleli qembu,” kusho uMokwena osekufana nesitayela sakhe ukuqala ngokubongela wonke umuntu ngemuva kwe-win.

“Ngokubona kwami ngibona likhuphukile izinga esidlala ngalo. Kuningi okunye esisadinga ukukulungisa. Sisasebenze izinyanga ezimbili nohhafu kupohela, kodwa indlela esidlala ngayo kucacile ukuthi isingcono. Futhi sekucacile nesifuna ukukwenza.

“Kufanele sibonge abaqeqeshi baphambilini uBeaumelle noBen Yahia ngomsebenzi omuhle abawenzile ngaphambi kokuqashwa kwami.

“Uma uqeqesha iqembu elikhulu kufanele ukhumbule indoda yesi-12. Ngibethulela isigqoko abalandeli bethu ngendlela abaseseka ngayo, nokubekezela kwabo ngesikhathi ngicela ukuthi bababekezelele abadlali.”