Incwadi esihloko sithi ‘When Love Kills’ ethembisa ukugeqa amagulu ngobudlelwano buka-AKA no-Anele Tembe izoqala ukudayisa ngesonto elizayo.
Umbhali ohlonishwayo kuleli uMelinda Ferguson uqinisekise lezi zindaba namhlanje ekhasini lakhe kuFacebook kodwa uzwakalise ukungenami ngokuputshuka kwezindaba zokuthi incwadi isiyaphuma.
Isiqeshana esifakwe yiNB Publishers ngale ncwadi ezobiza uR320, sibeka kanje: Ngesikhathi ewa esuka kwi-10th storey ePepper Club ngo-April 2021 ngemuva kobusuku obude bephikisana, kuvela ukuthi kwase kunesikhathi bengahlalisene kahle.
Kusolwa ukuthi bekusetshenziswa izidakamizwa futhi kuhlukunyezwana…kungakapheli neminyaka emibili ngemuva kokudlula kuka-Anele, kubulawe u-AKA…”