Owayengumgadli weKaizer Chiefs neBafana Bafana uKatlego ‘Killer’ Mphela usekhombe akubona kuyibuyisele emuva iChiefs kule sizini. Uthi akayiboni iqeda kwitop 4.
Amakhosi athwele kanzima nakule sizini njengoba kunzima ukuqoqa amaphuzu aphelele muva nje kwimidlalo yeligi. Ngemuva kokuthola induku kwiRichards Bay FC iChiefs isale ihlehlise kunombolo 8. Iyishiya ngamaphuzu amahlanu kuphela Manje iBay ebibhekene nezembe.
UMphela uthi kwaba yiphutha ukungasivali isikhala sika-Itumeleng Khune.
“Ngokubona kwami abekho abaholi abanele kwiKaizer Chiefs,” kusho uMphela ngokombiko we-iDiski Times.
“Uma kuhamba umuntu ofana noKhune, umuntu onegama, obalulekile kwisikwati, kumele uvale isikhala sakhe ngomuntu osezingeni elifanayo, umuntu ozongena akhombise ubuholi naye.
“Ngikubona kuyinkinga ukungabi nalo uhlobo lomuntu olufana noKhune. Kumele baqhubeke baphushe kodwa babone ukuthi baqeda kuphi. Bazofuna ukungena kwitop 4, sinethemba kokuthi bengakwenza lokho kodwa angikuboni kwenzeka ngoba bayahluleka ukunqoba imidlalo kulandelana.