Kubikwa ukuthi i-Orlando Pirates neStellenbosch FC sebegcine bevumelene ngomdlali ofunwa wuJose Riveiro, uDeano van Rooyen.

Sekunesikhathi iPirates izama ukusayina uVan Rooyen (27) owukapteni weStellies. Ngokombiko weSABC Sport isicelo seBucs sesiphasile, osekusele manje wukuthi aphase imedical yakhe.

Ngeledlule uVan Rooyen akadlalanga kumdlalo weStellenbosch weMTN8 ngesikhathi ibhekene neTS Galaxy, okwaqinisa izinsolo zokuthi ngathi sekusondele ukuthi ajoyine iBucs.

ISABC ibika ukuthi wumdlali ozicelele ukukhululwa kwiStellies ebona ukuthi ngathi ziyadonsa izingxoxo.

IStellies ibifisa ukumgcina lo mdlali njengoba ike yaveza ukuthi ifuna ukuba neqembu eliqinile kule sizini ukuze izozama ukulwela isicoco seligi.

Ngesikhathi ebuzwa ngokungabonakali kwalo mdlali emdlalweni wokugcina umqeqeshi wakhe wabeka kanje:
“Kunokulimala okuncane okumhluphayo ezinsukwini ezimbalwa ezedlule. Akaziqeqeshanga neqembu kabili kuleli sonto…sizama ukumvikela ngoba nisibonile isimo senkundla. Sibone nokuthi uKyle uzokwazi ukusinikeza okuhlukile futhi uma bedlala amabhola amade.

“Benginokuzitshela ukuthi bangase beqalise uNurkovic noma engadlalanga kaningi emdlalweni yabo yokulungiselela isizini…besifuna ukuvikela uDeano, yisona sizathu esibalulekile leso. Nakho ke ukuthi niyazi ukuthi izindaba okubikwa ngazo ziyabaphazamisa abadlali…sekukaningi sigcizelela sifisa ukubagcina abadlali bethu.

“Siyiqembu elingakwazi ukulwela izinkomishi neligi. Sifuna ukuzikhandla ukuze sikwenze lokho, sikwazi nokugcina abadlali bethu.”