Isikhulu sezokukhangisa kwiKaizer Chiefs, uJessica Motaung, sesiveze ukuthi leli qembu selisondele ekusunguleni iqembu labesifazane elizogijima kwiHollywoodbets Super League.

Sekudlule iminyaka emibili iChiefs ithembisa abalandeli bayo ukuthi izoba neqembu labesifazane kodwa kungenzeki lutho ebambekayo.

Ngemuva kokumezela ukuthi iMedshield Medical scheme yelule inkontileka yokuxhasa iChiefs ngeminye iminyaka emithathu izolo, uMotaung uveze ukuthi imali abazoyithola izovula iminyango emningi abale kuyo ukusungulwa kweqembu labesifazane.

“Kusale kancane ukuthi simemezele iqembu labesifazane. Namanje sisahlela ukulisungula, sizokwenza isimemezelo uma sesiqede konke esisadinga ukukwenza,” kusho uMotaung.

Uqhubeka wathi ngeke aveze ukythi bathole imali engakanani kwaMedshield kodwa izobasiza bangene kwibhola labesifazane.

Njengamanje mane kuphela amaqembu ePSL anamaqembu adlala kwiHollywoodbets Super League; iMamelodi Sundowns, Royal AM, TS Galaxy ne-University of Pretoria.