Umdlali wase-Uruguay osengakwazi ukumela iNingizimu Afrika, uGaston Sirino, useveze ukuthi engalamukela ngezandla ezivulekile ithuba lokudlalela iBafana Bafana.

USirino (32) otheleke kuleli ngo-2018 usengakwazi ukudlalela iBafana ngoba usehlale kuleli iminyaka emihlanu futhi akakaze abizwe ukuzomela iqembu lesizwe e-Uruguay.

“Sengibe nesikhathi esihle kulelizwe elihle. Ngithanda yonke into ngalelizwe futhi ngingalamukela ngezandla ezivulekile ithuba lokulidlalela.

“Akekho umdlali waseSouth America owake wadlalela iBafana Bafana, uma ngibizwa kungangijabulisa,” kusho yena kwiSundowns Magazine.

USirino usevalele amagoli awu-36 wathola nama-assist awu-41 emdlalweni ewu-169 kuyo yonke imqhudelwano kuleli.