Bangase baqale ukuphefumula kangcono abalandeli bamanye amaqembu ePremier League njengoba kuvela ukuthi uPep Guardiola angase ashiye kwiManchester City ekupheleni kwesizini ka-2024/25.

Inkontileka kaGuardiola, onqobe isicoco okwesine kulandelana kuleli qembu, iyaphela ezinyangeni eziwu-12.

Ngokwemibiko evela e-U.K, abasondelene neCity kanye noPep, bathi lo mqeqeshi uzohlala okokugcina ngesizini entsha, bese eyashiya. Abaphathi beCity kuthiwa bahlela ukumnikeza inkontileka entsha kodwa ngathi balinde ukuzwa ngaye ukuthi usafisa yini ukuqhubeka.

Kungenzeka ukuthi uPep usezizwa ephothekile kancane njengoba esakhe iqembu elinzima elijwayele ukushanela kwasani kwiPremier League. Njengoba eseyinqobele neChampions League yokuqala iCity, kungenzeka ukuthi ubona umsebenzi wakhe usuphelile kuleli qembu.

Okwamanje akucaci ukuthi uzoyaphi uma eshiya kwiCity kodwa abaningi bathi angase athathe umsebenzi wokupheka iqembu lezwe ukuze ezothola ithuba lokunqoba iFIFA World Cup.

ICity kubikwa ukuthi isiqalile ukuthungatha umqeqeshi ongase avale isikhala sakhe. Kubaqeqeshi ababhekiwe kubalwa phambili oweGirona, oyingxenye yeCity Group, uMichel. UPep kuthiwa uyazifela ngomsebenzi kaRoberto de Zerbi, okusanemibuzo ngekusasa lakhe njengoba eshiye iBrighton.