Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uthi usheshe wadlula kwiphutha elenziwe wuMothobi Mvala elibagejise ngerekhodi lokuqeda isizini bengashayiwe ngoba kungi abakuzuzile kule sizini.
UMvala wenze iphutha eliholele kwigoli elivalelwe yiCape Town City, iSundowns yadliwa ngo 1-0. Bekungokokuqala idliwa kwiDStv Prem kulesizini, kanti abaningi bebezitshela ukuthi izoba ngama-invincibles okuqala eNingizimu Afrika.
UMokwena uthi usamthanda uMvala, noma abaningi bethi kumele akhululwe ngenxa yenqwaba yamaphutha awenze kule sizini.
“Uyazi ngiyamthanda, ngiyabathanda bonke abadlali bami. Sonke siyawenza amaphutha, futhi akekho onamaphutha ukudlula mina. Kuyingxenye yomdlalo.
“Uma abantu bebuka amaphitha, mina ngibona imidlalo ewu-29 esizinikelile kuyo sadlala kahle. Naye futhi uzosibuka ngendlela efanayo lesi simo.
“Kuningi esesidlule kukho noMvala. Kuningi eningakwazi esengidlule kukho nalaba badlali.”
🏆𝗖𝗛𝗔𝗠𝗣𝗜𝗢𝗡𝗦 𝗥𝗘𝗔𝗖𝗧𝗜𝗢𝗡𝗦🏆
— Mamelodi Sundowns FC (@Masandawana) May 26, 2024
On a day filled with joy & celebration, the legendary Hlompho Kekana was our man on the ground to capture the emotion of our players as we celebrated our 14th PSL title! 🥳
Watch the special piece now on YouTube! 📲… pic.twitter.com/zByy3AZ0pM
Ngesizini ka-2024/24 iSundowns kumele ivikele isicoco sayo se-African Football League. Izodlala kwiFIFA Club World Cup, CAF