Owayengumdlali we-Orlando Pirates osedlalela iSekhukhune United uzwakalise ukuphoxeka ngombhalo womthwebuli osezakhele igama ezinkundleni zokuxhumana kuleli uVino Snap ngo-Olisa Ndah.
Ngempelasonto edlule uNdah uthole ithuba lokuqala umdlalo weBucs ngemuva kwesikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala.
Ngemuva komdlalo, uVino ubhale ekhasini lakhe kuFacebook ukuthi uNdah akasafani ngenxa yokulimala, okuwumbhalo ongehlanga kahle kuMntambo.
UMntambo ushered ipost kaVino, wathi: “Ngiyethemba ukuthi akuyona i-account kaVino Snap yangempela le, uma kungeyakhe ngiphoxekile ngempela ngesitatimende sakhe.”
Kule post kaMntambo abanye bavumelane naye ngokuphoxwa wumbhalo kaVino, kodwa abanye bathe ‘aphi amanga akhe?”.
UGiven Chepape uphawule kanje: “Yi-account yakhe le futhi awekho amanga kwisitatimende sakhe. Ngabe usafana? Niyathanda ukuphendula into encane niyenze into enkulu nokuthatha izinto ngemizwa uma kuyinto ethinta iPirates…”
Omunye uthe: “Mina ngasho kudala ukuthi uVino uvikela abadlali bakhe, abanye ubafaka ngaphansi kwengcindezi”.
Uma sisika kwelijikayo kodwa singakuveza ukuthi uVino sekunesikhathi eside engomunye wabantu abafisa ukubona lesi sitobha sibuyela enkundleni ngemuva kokulimala. Ubejwayele ukufaka izithombe zakhe njalo uma eziqeqesha neqembu noma engadlali, kuhambisana nombhalo wokuthi uyethemba uzolulama maduze.
Khonamanjalo, akuyena yedwa uVino obhale kanje ngoNdah ezinkundleni zokuxhumana. Abalandeli bamanye amaqembu bebethi sebezodla kamnandi njengoba sekubuye yena emuva ngemuva kokumbuka kulo mdlalo owodwa.