Izazi zesimo sezulu kuleli, iSouth African Weather Service, sezixwayise ukuthi izoqhubeka ine ngamandla imvula kule mpelasonto yePhasika. 

Lokhu kulandela imvula enamandla edale izikhukhula KwaZulu-Natal ngoMsombuluko nangoLwesibili. 

Kushaye uLwesithathu isimo sezulu sesingcono kakhulu kodwa liphende lana ntambama. Izikhukhula zidale umonakalo omkhulu eThekwini, kwavalwa imigwaqo emikhulu uM4, N2 kanti nokuhamba kwezimoto ku-N3 kuke kwaphazamiseka. Kwezinye izindawo izikhukhula zihambe namabhuloho, izimoto zabantu kanye nezingenxe zezindlu zabo. Kunabantu abakhishwayo emaflethini abo kanye nasezindlini zabo. 

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa izolo obevakashele eThekwini ukuzozibonela umonakalo odalwe yizikhukhula

Izolo uhulumeni waKwaZulu-Natal umemezele ukuthi sebebalelwa ku-306 abashonile eThekwini. Abazimo eziphuthumayo bathi nakuba zijwayelekile izikhukhula KwaZulu-Natal, bayaqala ukubona ezinzima kanje. 

Nakhu okushiwo wuKgoloselo Mahlangu ngesimo sezizulu kule mpelasonto: “NgoLwesihlanu olumnyama, ningalindela imvula ehambisana nokuduma kwezulu engxenyeni ephakathi nezwe.” 

Ngokwe-weather channel, aku-50% amathuba emvula ngoLwesihlanu, kanti ngoMgqibelo aku-90%, izinga lokushisa lizoqala ku-16 kuya ku-19 degrees.