IMEYA yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, isithembise ukuqinisa izinhlelo zokulwa nobugebengu kuleli dolobha.

UMxolisi Kaunda oyiMeya yeTheku
 “Aseqalile amalungiselelo okuqeda ngobugebengu obudlangile eThekwini ngenhloso yokuqinisekisa ukuphepha kwezakhamuzi namabhizinisi,” lawa ngamazwi aphume kuMxolisi Kaunda onguMeya woMkhandludolobha iTheku. Ekhuluma esithangamini nabezindaba ngoLwesithathu, uKaunda ukhale kakhulu ngezinga lobugebengu elinyukile, wadalula ukuthi izigameko zobugebengu eThekwini zibalelwa kuhhafu uma sekukhulunywa ngesiFundazwe. UKaunda uthe sebeqalile ngamalungiselelo okuqeda ubugebengu, okuzoba ukwandiswa kwezimoto edolobheni nokuqashwa kwamaphoyisa oMkhandludolobha angu-200. Uveze nokuthi uMasipala uqasha amaphoyisa abalelwa-200 njalo ngonyaka.Uthe ukunyuka kwesibalo sabantu abahlala edolobheni kungesinue sezizathu ezidala ukunyuka kwezinga lobugebengu. “ITheku kuphela elinamaphoyisa oMkhandludolobha kwisiFundazwe. Abantu bafuna ukuzohlala ngapha. Bangaphezulu kuka-4 million abantu abahlala kulelidolobha. Angeke bunganyuki ubugebengu ngoba umnotho wesiFundazwe ugcwele kulelidolobha,” kusho uKaunda. UMeya uthe ukwanda kobugebengu kulimaza izakhamuzi, abasebenzi bomphakathi, amakhansela kanye nabaholi bendabuko. “Sikhathazekile ngokubulawa kwabantu basemphakathini, ngokubulawa kwabantu budlabha edolobheni. Sihlanganile noNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele, sadingida udaba lokuqala izinhlelo zokunciphisa ubugebengu,” kuchaza uKaunda. Ziyanda izigameko zokubanjwa inkunzi kwamabhizinisi edolobheni, iDurban Central Police Station ibalwa neziteshi ezingu-30 ezibike amacala obugebengu amaningi kusukela ngonyaka ngo-Okthoba kuya kuDisemba 2021.zibalwa kwi-top 30 yeziteshi ezibikelwe amacala okudlwengula, ukuhlukumezeka ngokocansi nokubulawa kwabantu.UKaunda uthe ukunyuka kwezinga lobugebengu esifundazweni nasedolobheni kuxosha abatshalizimali abanezinhlelo zokuhweba.